
Umbukiso Wezithombe Zabafundi Ezindaweni Zokuzihlalela Emanyuvesi
Click here for English version
UNkk Bridget Horner ofundisa izifundo zezemidwebo yezakhiwo usanda kuhlela umbukiso wezithombe obizwa ngokuthi: Students’ Reflection In and Of Higher Education Spaces: Post-Apartheid.
Umbukiso ka-Horner ubuyingxenye yocwaningo lwakhe lwezifundo zobudokotela kulo mkhakha obelucwaninga ukuthi lezi zindawo abafundi abazihlalela kuzo zisho ukuthini ukuze aqale ingxoxo nabo ngalezi zindawo.
Umbuzo omkhulu walo mbukiso ubuthi ingabe lezi zithombe zixoxa yiphi indaba ngomfundi wasesikhungweni semfundo ephakeme emaNyuvesi aseNingizimu Afrika ngemva kobandlululo.
Ukubheka lesi sihloko, abantu abebekhona kuvulwa lo mbukiso bacelwe ukuba bakhethe isithombe esibathintayo, bese bekhetha intambo engemuva kwebhodi, bayibeke eduze komfanekiso abawukhethayo.
UNkk Horner uthe: ‘Lokhu kubeyisiqalo sezingxoxo ezizolandela ezibonisa izithombe ezithinta abantu kule ndawo, ngaleyo ndlela babeneqhaza ekuchazeni indawo yombukiso.’
Lo mbukiso ube umphumela wezigaba eziningi uNkk Horner aqokelele ngazo imininingwane ngale zindawo ezikhungweni zemfundo ephakeme. Kusukela ngowezi-2018 wasungula umncintiswano wezithombe ngenhloso yokuqhakambisa izindawo ezithandwa ngabafundi enyuvesi, kwalandela uchungechunge lwamabhodi ezindaweni ezithile ekhempasini zibuza abafundi imibuzo ngezindawo abakuzona.
‘Le misebenzi yangenza ngaqonda izinto ezenzeka enyuvesi, yangihlanganisa nabafundi abayisishiyagalombili abamelwe kulo mbukiso. Ngasekupheleni kowezi-2018, senza izithombe eziningi eziphathelene nezindawo zokudla, ezokuhlala nezezinto zokuthutha kanye nezinye izindawo ezimqoka.’ kusho uNkk Horner.
Imifanekiso engama-24 yombukiso yenzeka emva kwezingxoxo nabafundi ngamunye nakubo bonke ukuqinisekisa ukuthi yimuphi umfanekiso ohambisana nempilo yokuba ngumfundi esikhungweni semfundo ephakeme. Umfanekiso ngamunye ubhalwe ngumfundi echaza ukuthi ucabanga ukuthi umele ini. Umumo wezithombe ngokulandelana kwazo ebhodini ngalinye uchazwe wumfundi ngamunye ukuthi usho ukuthini.
‘Imifanekiso ihlelwe ngokubonisana nomfundi oseduze kwayo ukuze ikhombise okufanayo nokwehlukile ngokuhunyushwa kwayo,’ kusho uNkk Horner. ‘Imifanekiso engenalutho ingamabomu, lapho abafundi basebenzisa igunya labo lokuthi bangabonakali kodwa umbono wabo uvele emfanekisweni. Abanye abafundi bakhetha ukuthi ubuso babo bungaveli kahle kanti nalokhu kuyabonakala endleleni izithombe ezenziwe ngayo.’
Umbukiso, owawuyisonto elilodwa, wavuselela izingxoxo eziningi ezinohlonze kubafundi bemikhakha ehlukene.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Andile Ndlovu